Browse Results

Showing 176 through 176 of 176 results

Uju Lwezinkondlo: UEB Contracted

by N. A. Mahaye Z. E. Sithole

Uju Lwezinkondlo yi-antoloji eyiqoqo lezinkondlo ezibhalwe izimbongi ezehlukene. Yenzelwe ukusiza abafundi ukuba bafunde futhi baqonde ubunkondlo eBangeni le-12, Iqoqo libhalwe lagxiliswa ngokwezidingo zonke izidingo zohlelo lwemfundo i-CAPS. Uju Lwezinkondlo: • ihlelwe ngokomongo noma ingqikithi yezinhlobo zezinkondlo ukuze kubelula ukuqonda isakhiwo sezinkondlo • inomlandompilo wezimbongi ezikuleli qoqo lezinkondlo, ukwelekela abafundi ukuba bazi kabanzi ngempilo yezimbongi ukuze umsebenzi wezimbongi bawazi futhi bawuqonde kangcono • inencazelomagama (iglosari) etholakala ekugcineni kwebhuku, ukusiza umfundi ukuba aqonde amagama anqala obunkondlo asetshenziswe ngenkathi kuhlaziywa inkondlo ngayinye • inamanothi afundisayo ukusiza umfundi ukuba azi ukuthi inkondlo ihlaziywa kanjani ngokwemigomo yohlelo lwemfundo mayelana nokufundiswa kwezinkondlo ngokuphelele • inemibuzo nezimpendulo ukusiza umfundi ukuba azilolonge ngemibuzo, abheke futhi ezimpendulweni ukuthi bekumele aphendule kanjani, ngaleyo nabo akwazi ukuzimakela umsebenzi azenzela wona. Le antoloji yezinkondlo iwusizo olukhulu kumfundi osendleleni yokubhekana nezidingo zobunkondlo obunzulu kanye nokubhala izivivinyo ngempumelelo.

Refine Search

Showing 176 through 176 of 176 results